uManzekhofi nezakhe
An edition of uManzekhofi nezakhe (2019)
By Fred Khumalo
Publish Date
2019
Publisher
Kwasukela Books
Language
zul
Pages
133
Description:
"uManzekhofi uyikati elihlukile ngempela. Kucabanga kanjalo noS'khalangabanye, inja yakubo evilayo. KuManzekhofi wakwaSibiya umhlaba uyisithebe esigcwele namaqatha enyama athi ngesakhe. Kodwa ngelinye ilanga waphumela phandle kwemingcele yebala lomuzi wabo wathola ukuthi akayena umpetha wayo yonk'into... Nakwezinye izindatshana ezikuleli qoqo elixhumaxhumene kuxoxwa ngezinkambo zabalingiswa abaningi abayizilwane nabantu; kuyavela uThekwane benoSikhova noMfene belwisane, negundane laseZimayini uKhansela, uSteleka oyichalaha eviyweni lezinja, ubaba wakwaSibiya ofuna ukuba yimenenja yeqembu lebhola, nabanye abaningi. Funda ngamahambo kaManzekhofi nezakhe, ikati emakatini, lona elisabhubesikazi, uze umthandisise."--Back cover.